Umnyango wezaBasebenzi ushaye umthetho omusha, ikakhulu weMboni yamaWulisela neZitolo.
Ikhophi yeSinqumo seMboni itholakala kubaGayi bePhepha kwiMboni yabaSebenzi futhi ikhona kwi-webhusayita: www.labour.gov.
Yini inhloso yalesi Sinqumo seMboni?
Isinqumo seMboni siqukethe imibandela yokuqashwa kwabasebenzi beMboni yamaWulisela neZitolo efana namahora omsebenzi, isikhathi sekhefu, imininingwane nokunqanyulwa kwesivumelwane somsebenzi. Siphinde siphawule ngamaholo alindelwe nokufanele akhokhwe ngabaqashi.
Ngubani othintwa yiSinqumo seMboni?
noma yimiphi imisebenzi ethinta lowo mqashi kanti ayigcini nje ngokudayisa, ukugcinwa kwempahla noma ukusatshalaliswa kwayo noma imisebenzi esiza ibhizinisi lomqashi noma yimiphi imisebenzi efezwa emagcekeni alelo bhizinisi eliqhuba ingqikithi yomsebenzi ongena ngaphansi kweSinqumo saleMboni.
Ngubani ongathinteki kulesi Sinqumo seMboni?
Abasebenzi abasebenza amahora angu-24 noma ngaphansi ngenyanga abathinteki.
Uma kunodaba olungadingidwanga kulesi Sinqumo seMboni, imibandela yoMthetho Wezimo Ezivamile zokuQasha (BCEA) iyosebenza kubaqashi nabasebenzi kuleMboni.
Uthini umthetho ngamaholo?
Umthetho uthi bonke abasebenzi kumele bahole okungenani amaholo akhonjiswe kwiThebula 1 kuya ku3.
Ngabe bonke abasebenzi bamaWulisela neZitolo bayothola iholo elifanayo yini?
Abasebenzi baseWulisela neZitolo kufanele bathole okungenani isamba samaholo ahlonzwe emathebulini achazwe ngenhla. Noma kunjalo abasebenzi abathola imiholo ephezulu kunaleyo emisiwe bayoqhubeka nokuyithola ngoba imibandela yokuqashwa ngeke uvele uyishintshe noma kanjani.
noma okungenani isamba ngehora ngendlela enqunywe kumaThebula 1 kuya 3 ihora ngalinye noma ingxenye yalo esetshenzwa yisisebenzi.
Uma leso sisebenzi sikhiqize noma sidayise ngaphansi kwenani elifanele iholo elinqunyiwe ngenxa yezizathu ezidalwe ngumqashi, kufanele sithole iholo elinqunyiwe.
Abalwa ngokusebenzisa amahora asetshenziwe isamba ngosuku/amahora = iholo ngehora isamba ngesonto/amahora ngesonto = iholo ngehora isamba ngesonto/izinsuku ezisetshenziwe = iholo ngosuku isamba ngenyanga/4.
Iholo lesonto lesisebenzi lapho inkokhelo ingabalwa khona ngokuthathela esikhathini noma elithola iholo eliguqukayo libalwa ngesilinganiso sesamba esididiyela amaholo amasonto ayishumi nantathu uma uwehlukanisa izigamu eziyishumi nantathu.
Iphepha eliyinkomba yeholo yifa lesisebenzi.
Iholo liyonyuka ngesilinganiso samandla okuthenga impahla kuhlanganiswa nephesenti elilodwa ngezinyanga zokuqala ezi-12.
Iholo liyonyuka ngesilinganiso samandla okuthenga impahla kuhlanganiswe nephesenti elilodwa ngonyaka wesibili ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi Sinqumo Semboni.
Uma iCPIX ingamaphesenti ayishumi noma ngaphezulu, iholo elinqunyiwe liyokhuphuka ngesilinganiso seCPIX.
Ukunikwa izimfanelo zokuhambisana nesimo sokuphepha nezempilo emsebenzini.
Uthini umthetho ngokudonswa kwemali eholweni?
Umqashi akufanele atshele isisebenzi ukuba sisayinele imali engaphezulu.
Qaphela: Amahora achazwe ngenhla awasebenzi kubaphathi abaphezulu, kubadayisi abahambayo noma abasebenzi abahola ngaphezulu ko-R115 572.
Amahora omsebenzi kubasebenzi ezisebenza ngaphansi kwamahora angu-27.
Ngenxa yokuthi isisebenzi akufanele sisebenze amahora edlule emahoreni angama-45 ngesonto, isisebenzi esisebenze amahora ayishumi ezinsukwini ezine akufanele basebenze ngaphezulu kwamahora ayisishagalombili ngosuku lwesihlanu.
Isivumelwane esibhaliwe akufanele sisebenze isikhathi esidlula izinyanga ezimbili phakathi kwesikhathi esiyizinyanga eziyishumi nambili.
Isikhathi esikhokhelwayo sokuphumula kufanele sinikwe ingakapheli inyanga ngemuva kokuba sithole igunya lesikhathi. Noma kunjalo, isivumelwane esibhaliwe singenyusa lesi sikhathi sifinyelele ezinyangeni eziyishumi nambili.
ngaphezulu kwamahora angama-45 ejwayelekile ngesonto ngaphezuku kwamahora ayishumi esikhathi esingeziwe ngesonto; noma ngaphezulu kwezinsuku ezinhlanu ngesonto.
Isivumelwane siyophela ngemuva kwezinyanga eziyishumi nambili.
Isisebenzi kufanele sikhokhelwe kuphela ingxenye yesikhathi sekhefu, esidlula imizuzu engamashumi ayisikhombisa nanhlanu.
Isikhathi sokuphumula ngesonto okungenani njalo ngemuva kwamahora angamashumi amathathu nesithupha elandelana ngaphandle uma kukhona isivumelwane esihlukile, lokhu kuhlanganisa neSonto.
Isivumelwane esibhaliwe singahlinzeka ngesikhathi sokuphumula okungenani njalo ngemuva kwamahora angamashumi ayisithupha elandelana, njalo ngemuva kwesonto lesibili.
Inkokhelo yokusebenza ngeSonto.
Isivumelwane singavuma ukuba umqashi anike umuntu osebenza ngeSonto ikhefu lokuphumula elikhokhelwayo elilingana nomehluko wenani phakathi kwenkokhelo etholwa yisisebenzi ngokusebenza ngeSonto kanye nenkokhelo egunyaze ukutholwa yileso sisebenzi.
baziswe ngesimo sempilo nokuphepha baziswe ngamalungelo abo okuhlolwa impilo.
Isisebenzi esisebenza ngeHolide elisemthethweni eliwela osukwini oluvame ukusetshenzwa yisisebenzi kufanele sithole imali ephindwe kabili ngokuya kwalo emsebenzini.
Yiziphi izinhlobo zekhefu ezingatholwa yisisebenzi?
Zingaki izinsuku ezitholwa yisisebenzi ngonyaka?
Abasebenzi banegunya lokuthola amasonto amathathu ekhefu njalo ngonyaka.
Yini eyenzekayo uma iholide elisemthethweni liwela esiyingini sekhefu lonyaka?
Yini okufanele iqashelwe mayelana nekhefu lokugula?
Isikhathi sesiyingi sekhefu lokugula yizinyanga ezingamashumi amathathu nesithupha kanti simiselwe esibalweni sezinsuku ezisetshenzwe emasontweni ayisithupha.
Isisebenzi samaWulisela neZitolo sisebenza izinsuku ezinhlanu ngesonto.
Isiyingi sezinsuku zekhefu lokugula sibalwa ngokuthatha izinsuku ezinhlanu ziphindwe kasithupha (5x6) bese kutholakala izinsuku ezingamashumi amathathu esikhathini seminyaka emithathu.
Umqashi engacela isitifiketi sokugula uma isisebenzi siphuthe emsebenzini izinsuku ezidlule ezimbili zilandelana noma kabili emasontweni ayisithupha.
Yini ikhefu lokubhekana nesimo somndeni?
Leli yikhefu elitholakala ngezimo ezithile ezithinta umndeni.
Ngubani onelungelo lokuthola lolu hlobo lwekhefu?
Abasebenzi abaqashwe isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezine futhi abasebenza okungenani izinsuku ezine ngesonto bengathola izinsuku ezine zesimo somndeni esiyingini sonyaka.
Ikhefu elinjena lingathathwa nini?
Leli khefu lingathathwa ngokuzalwa kwengane, uma ingane igula noma kushone oshade, ugogo, umkhulu, ingane, udawewabo noma umfowabo wesisebenzi.
Yiziphi izinto ezithinta ikhefu lokubeletha?
Isisebenzi singaqala kuphela emsebenzini emasontweni ayisithupha ngemuva kokuzalwa kwengane ngaphandle kokuba udokotela noma umelaphi ekhipha isiqiniseko sokuthi isisebenzi singaqala ukusebenza.
Uma kwenzeka, isaziso sosuku lokuyeka nokuphindela emsebenzini kufanele luvezwe ngaphambi kokuthatha ikhefu.
Umqashi kufanele agcine umlando wesisebenzi ngasinye iminyaka emithathu, imininingwane kumele iqukathe igama, usuku lokuzalwa kanye nekheli lesisebenzi esineminyaka engaphansi kweshumi nesishagalombili esiqashwe nguye.
Kufane sinqanyulwe kanjani isivumelwane somsebenzi?
Omunye wethimba elithintekayo engathatha isinqumo sokunqamula isivumelwane.
Uma isisebenzi siqashwe unyaka noma ngaphezulu, kufanele isaziso samasonto amane.
Akufanele isisebenzi sikhiphe isaziso ngesikhathi sithathe isikhathi sekhefu noma sivume ukuba sihambisane nalesi sikhathi sekhefu ngaphandle uma kuyikhefu lokugula. Kungenzeka isisebenzi sithole inkokhelo esikhundleni sesikhathi sesaziso, inqobo uma inkokhelo ilingana nesikhathi sesaziso.
Uma kunqamuka isivumelwane somsebenzi, umqashi kufanele akhokhe zonke izimali zesisebenzi zonke izinsuku ezisele zekhefu sonke isikhathi sokuphumula esinganikwanga isisebenzi isinxephezelo sesonto elilodwa sonyaka ngamunye osetshenziwe, uma umqashi eqede isivumelwane ngenxa yokwentuleka komsebenzi.
intengo ingadluli emalini yangempela ekhokhwe ngokuthenga leyo mpahla yokugqoka umqashi engafuna ukuba isisebenzi siyigqoke emsebenzini impahla yokusebenza imvume yokuba isisebenzi sigqoke impahla noma singekho emsebenzini isisebenzi sikhokhele umfaniswano noma impahla yokusebenza ngezikhawu ezine.
Ibhuku lokubhalisa ukuba semsebenzini kufanele ligcinwe ngaphandle uma kukhona isivumelwane esihlukile.
Othula umsebenzi wesikhashana kanye nekhasimende banesibophezelo esihlangene kanjalo nezindleko ezididiyele uma behluleka ukuhambisana nemibandela yeSinqumo seMboni.
Ubude besikhathi sokuqashwa kwesisebenzi kufanele bucatshangwe ngokubheka umlando nomqashi uma amagebe ezikhawu zokuqashana zingaphansi konyaka owodwa.
Isinqumo seMboni sibopha wonke umqashi osingethwe yisona kanti kufanele agcine ikhophi yeSinqumo seMboni noma umbiko ofingqiwe otholakala endaweni yokusebenza lapho sikwazi khona ukufinyelela isisebenzi.
